Ubani ongenza isicelo?
Noma ngubani oqede isikole, ikholishi noma iyunivesithi nakhona ongasebenzi. Abantu abangasebenzi kumele babhalise njengabantu abafuna umsebenzi kuMnyango wezeMisebenzi.
Ukuthola olunye ulwazi, hamba uye kwaboMnyango wezemiSebenzi.
Cabanga ngohlelo loqeqesho kanye nomsebenzi owufunayo. Ngamanye amagama, uma uthanda ukuba ngaphandle, ungenzi isicelo somsebenzi osetshenzwa ngaphakathi ehhovisi.
Isipiliyoni somsebenzi, igama labaqashi oke wasebenza kubo nomsebenzi owawuwenza.
Amanye amakhono onawo, afana nekhono lekhompyutha, ukuthi ngabe unelayisense yokushayela, nokunye.
Bhalisa njengomuntu ofuna umsebenzi esikhungweni sezemisebenzi esiseduzane nawe. Lokhu kuzosiza abaqashi ukuthi bakuthole uma befuna ukusungula i-learnership.
Xhumana nama-SETA ukuthola ukuthi ngabe yibaphi abaqashi abanama-learnership.
Cela abangani nomndeni ukuthi bakubhekise lapho kunezithuba zemisebenzi kumanyuziphepha.
Xhumana nesikhungo sezemisebenzi i-labour centre ukuze ufakele imininingwane yakho emisha uma ishintshile.
Ubude bama-learnership buyahlukahlukana, kodwa kuvamise ukuthi kungabi ngaphansi konyaka.
Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.
